ZU/Prabhupada 0006 - Everyone is God - Fool's Paradise



Lecture on SB 1.15.49 -- Los Angeles, December 26, 1973

Wonke umuntu uyazikhukhumeza, ucabanga "Ngiyazi. Yonke into ngiyayazi. Akunasidingo somuntu ozondifundisa." Lokhu yindlela yokusondela kwi-guru, umkhokheli wezomoya: zinikele, ikuthi "ngiyazazi okuninzi okungasiziyo, izinto eziyinkukuma. Manje, ngicela ungifundise." Kulokhu ukuzinikela. Nje ngoma u-Arjuna washo, śiṣyas te 'haṁ śādhi māṁ prapannam (BG 2.7). Ngesikhathi kwakukhona ingxabano phakathi ko-Arjuna no-Kṛṣṇa, futhi lapho le ndaba ayizange ixazululwe, ke u-Arjuna wazithobela ku-Kṛṣṇa, Kṛṣṇa wami othandekayo, manje sikhuluma nje ngabangani. Asiyekele ukukhuluma kanje. Manje ngiyakuvuma nje ngomkhokheli wami wezomoya. Ngomusa ngifundise lokho kuwumsebenzi wami. " Yilokho i-Bhagavad-gītā. Ngokho kumele sifunde. Tad-vijñānārthaṁ sa gurum eva abhigacchet [MU 1.2.12]. Lokhu ngumyalo wama-Veda, wokuba yini ukubaluleka kwempilo? Kushintsha njani? Umphefumlo uhamba njani aphume kumzimba aye komunye? Ngiyini? Ngingulomziba okanye okunye, ngiyenye into? Lezi zinto kufanele zibuzwe. Yimpilo yomuntu leyo. Athāto brahma jijñāsā. Lokhu kuhlola kumele kwenziwe. Manje kwesisikhathi se-Kali-yuga, ngaphandle kolwazi, ngaphandle kokuhlola, ngaphandle komkhokheli, ngaphandle kweencwadi, wonke umuntu nguNkulunkulu. Kuphela. Kwenzeka lokho, iphaladisi yeziphukuphuku. Akusizi lokhu. Lapha, ngo-Vidura... Naye....

viduro 'pi parityajya
prabhāse deham ātmanaḥ
kṛṣṇāveśena tac-cittaḥ
pitṛbhiḥ sva-kṣayaṁ yayau
(SB 1.15.49)

Yena...

Bengikhuluma ngo-Vidura. U-Vidura waye ngu-Yamarāja. Manje umuntu okholwayo waziswa phambi ko-Yamarāja ukuze ajeziswe. Manje, ma lomuntu ebuza ku-Yamarāja, ukuthi "Ngi....Angikhumbuli ukuthi ngenze isono empilweni yami. Manje kungani ngizizwe lana ukuze ngijeziswe?" Manje u-Yamarāja waphendula wathi "Awukhumbuli. Usemncane waahlaba intuthwane enye ngenaliti, yafa. Manje, kumele ujeziswe." Bona nje. Ebuncinaneni, ngokungazi, ngoma wenza isono, kumele ajeziswe. Nathi siyabulala, ngokumelene nesimiso sokholo ukuthi "Musa ukubulala," sivule izindlu zokuhlinza ezikwizinkulungwane, sikhuluma umbhedo wokuthi isilwane asinamphefumulo. Bona ubumnandi nje. Lokhu kuyaqhubeka futhi. Futhi sifuna nokuphila ngoxolo.