ZU/Prabhupada 0011 - One Can Worship Krishna Within The Mind



Lecture on BG 4.28 -- Bombay, April 17, 1974

Kwi-Bhakti-rasāmṛta-sindhu, kunebali... Cha, iqiniso. Bashilo ukuthi kwakhona i-brāhmaṇa- wayengumuntu okhonza uNkululunkulu kakhulu wayefuna ukuhonza iNkosi kahle, arcanā, akhonze etempileni. Kodwa yayingekho imali.

Kodwa ngelinye ilanga wayelalele iklasi ye-Bhāgavata wenzwa ukuthi u-Kṛṣṇa angakhonzwa nasemqondweni. Ngakho wathatha leli thuba ngoba wayecabanga ukusukela isikhathi eside indlela yokukhulekela Kṛṣṇa kahle kakhulu, kodwa akazitholi imali. Manje, lapho efika kuleli phuzu, ukuba umuntu sikhulekele Kṛṣṇa ngaphakathi engqondweni, emva kogeza kumfula we-Godāvarī, wahlala phantsi komthi emqondweni wakhe wakha i-siṁhāsana, isihlalo sobukhosi esihle, esinagugu amahle wacabanga ngeNkosi ihleli kwisihlalo, egeza iNkosi ngamanzi e-Ganges, e-Yamunā, e-Godāvarī, e-Narmadā, ne-Kāverī. Wayegqokisa iNkosi kahle, emnikeza iimbali ezinhle.

Wayemphekela kahle kakhulu, epheka i-paramānna, irayisi emandi. Manje wayefuna ukuzwa ukuthi ayishisi kakhulu. Ngoma i-paramānna idliwa ibanda. I-paramānna ayidliwa ishisa. Ngakho wabeka umunwe wakhe kwi-paramānna kanye nomunwe wakhe washa. Kwasho kwaphela ukucabanga kwakhe, kwakungena lutho. Konke kwakusemqindweni wakhe, yonk into. Manje... Wabona kodwa ukuthi umunwe wakhe wayeshile ngempela. Wayemangele.

Kanje, u-Nārāyaṇa e-Vaikuṇṭha, wayencumile. U-Lakṣmījī wabuza, "Yhini ekuncumisayo?" Omunye wabakhonzi bami ungikhonza kahle kanje. Manje thumela abantu bami bamzise lapha e-Vaikuṇṭha."

Imandi kanje i-bhakti yoga. ukuthi noma awunalutho yokwenza inkonzo enkulu ungayenza yonke into emqondweni. Kuyenzeka.