ZU/Prabhupada 0850 - Uma uthola imadlana shicilela izincwadi



750620d - Lecture Arrival - Los Angeles

Akukho olusha esiqhamuka nalo. Futhi asikokoteli lutho. Kuphela nje silandela lokhu esitshelwa khona yilabo esibalandelayo. Indlela yethu ilula ngoba asizenzeli umathanda.. Kuphela nje silandela lokhu esitshelwa khona yilabo esibalandelayo.Kuphela nje siphinda amagama alaba esibalandela, futhi silandela iziyalo zabo. U-Krishna wayala u-Bramha wayala uNarada, uNarada wayala u Vyasadeva uVyāsadeva wayala uMadhvācārya, njalo, uMādhavendra Purī, uĪśvara Purī, uŚrī Caitanya Mahāprabhu, nama Goswami ayisthupha, no Srinivasa, Kavirāja Gosvāmī, uNarottama dāsa Ṭhākura, uViśvanātha Cakravartī, uJagannātha dāsa Bābājī, uBhaktivinoda Ṭhākura, uGaurakiśora dāsa Bābājī, uBhaktisiddhānta Sarasvatī, nathi futhi senza njalo. Akunamehluko. Umthetho wayo ngqo i-Krishna consciousness ke lowo. Uyacula zonke izinsuku, guru-mukha-padma-vākya, cittete koriyā aikya, ār nā koriho mane āśā. Ilula lento. Abafundisi bethu basilethela okungaphezu kwalokhu kwasemhlabeni. Ngakho kumele silandele iziyalo ze-guru. Uma senza lokho ngezinhliziyo zethu, sizophumelela. Nami angikwazi ukuzenzela, kuphela nje ngilandela u-guru wami. U-guru wami wangicela wathi, “Uma uthola imadlana shicilela izincwadi”. Kwakunomhlangano, sikhuluma, nabafowethu esilandela nabo u-guru nabo babekhona kulomhlangano owawuse Radha-Kunda. U-guru wangitshela ukuthi “Selokhe saba nalelithempeli sekube nezinkulumo eziningi. wonke umuntu ucabanga indaba yokuthi ubani ozothatha liphi ikamelo. Ngakho ke ngifisa ukulidayisa lelithempeli, ngishicilele izincwadi.” Wangitshela Yebo. Ngezwa kuyena ukuthi uyazithanda izincwadi. wathi, “Uma uthola imadlana shicilela izincwadi”. Ngakho ke ngiyacizelela ngithi, “Ziphi izincwadi? Ziphi izincwadi?” Ngisizeni ke. Yisi isicelo sami leso. Shicilelani izincwadi eziningi, ngezilimi ezahlukahlukene, futhi nizisabalalise umhlaba wonke. Uma sekunjalo, i-Krishna Consciousness izokhula. Manje nezifundiswa seziyayincoma lenhlangano yethu. Zifunda izincwadi zethu. Udokotela Stillson Judah ubhale incwadi ngenhlangano yethu, hlampe niyazi Hare Krishna and Counterculture, incwadi emnandi ngempela, futhi isenza sibaluleke. Kulencwadi wavuma ukuthi “Swamiji” wenze into enhle kakhulu ngoba ushinste izidakwa wazenza abalandeli baka-Krishna, futhi sebezimisele ngokwenza Ubuntu.