ZU/Prabhupada 0008 - Krsna Claims That 'I Am Everyone's Father'



Janmastami Lord Sri Krsna's Appearance Day Lecture -- London, August 21, 1973

Manje, eNdiya, bonke abakhulu abantu, abangcwele, abahlakaniphile, ama-ācāryas, bahlukele lolu lwazi lwezomoya kahle ngokungcwele, manje thina silusebenzisa lonke. Akushiwo ukuthi lezo śāstra nezikhombiso zenzelwe amandiya okanye ama-hindu nama- brāhmaṇa kuphela. Cha. Kwenzelwe wonke umuntu. Ngoba u-Kṛṣṇa uthi

sarva-yoniṣu kaunteya
sambhavanti mūrtayaḥ yaḥ
tāsāṁ mahad brahma yonir
ahaṁ bīja-pradaḥ pitā
(BG 14.4)

U-Kṛṣṇa uthi "Ngingubaba wabantu bonke." Ngakho ke, ufuna ukuthi sonke siphile ngoxolo, kamandi. Nje ngoba ubaba efuna ukubona ukuthi indodana yakhe ihleli kamandi, kanjalo, u-Kṛṣṇa naye ufuna ukusibona sonke sijabulile futhi sihlezi kamandi. Yilokho, ngezinye iinkathi uyeza. [Bg. 4.7] Yadā yadā hi dharmasya glānir bhavati. Yilokho ehla eza u-Kṛṣṇa. Manje abakhonzi baka-Kṛṣṇa, amadevotee ka- Kṛṣṇa, kumele bathathe lomsebenzi onikezwe ngu-Kṛṣṇa. Kumele bathathe lo msebenzi ka-Kṛṣṇa. Kukulandisa ka-Caitanya Mahāprabhu olu.

āmāra ajñāya guru hañā tāra ei deśa
yare dekha, tare kaha, 'kṛṣṇa'-upadeśa
(CC Madhya 7.128)

Kṛṣṇa-upadeśa. Ushumayela okushiwo ngu-Kṛṣṇa ku-Bhagavad-gītā. Lokho yimfanelo yama-Ndiya onke. U-Caitanya Mahāprabhu uthi.

bhārata-bhūmite manuṣya janma haila yāra
janma sārthaka kari para-upakāra.
(CC Adi 9.41)

Manje amandiya, amandiya amele uku-para-upakāra. Akumele axhaphaze abanye abantu. Lowo ayingumsebenzi wama-ndiya. Umlando wamandiya wonke ngowo para-upakāra. Futhi kudala, kuzo zonke izindawo elizweni, kwakunabantu abasuka kuzo zonke indawo baze eNdiya bekhangela ulwazi lwezomoya. NoJesu Krestu waya laphaya. Absuka eShayina nakumazwe amnye. Lowo umlando. Kodwa manje siyakhohlwa ubusizo bethu. Sonikungenazwela kakhulu. Umnyakazo omukhulu, i-Kṛṣṇa consciousness, iyenzeka kwizwe lonke, kodwa amandiya banokungenazwela. Abathathi. Yilishwa lethu leli. Kodwa ngumsebenzi onikezwe nguCaitanya Mahāprabhu. Uthi kuwo onke amandiya, bhārata bhūmite manuṣya janma, uma ungumuntu ngempela, kumele enze impilo yakhe iphumelele ngokuthola izincwadi zama-Veda afundise izwe lonke olu lwazi. Yilokho i- para-upakāra. Manje iNdiya ingenza kanjalo. Manje bayabongela. LamaYurophi, labafana beMelika, bayabonga ukuthi inhle... Ngithola izincwadi ezininzi ntsuku zonke, ukuthi banenhlanhla engakanani ngenxa yalonyakazo. Empeleni, lokho iqiniso. Iphilisa abafile. Manje sengincenga amandiya, ikakhulukazi uMongameli, ngomusa siza olunyakazo, zama ukwenza impilo yakho neyabanye iphumelele. Ngumsebenzi onikezwe ngu-Kṛṣṇa lowo, isizathu sokuza ka-Kṛṣṇa. Sengiyabonga kakhulu.