ZU/Prabhupada 0009 - The Thief Who Became A Devotee



Lecture on SB 1.2.12 -- Los Angeles, August 15, 1972

Kṛṣṇa usho ku-Bhagavad-gītā: (BG 7.25) nāhaṁ prakāśaḥ sarvasya yoga-māyā-samāvṛtaḥ Angibonakali kumuntu wonke.I- Yogamāyā, yogamāyā manje ungambona njani uNkulunkulu? Kodwa lombedo uyenzeka, ukuthi "Ungangibonisa uNkulunkulu? Umbonile uNkulunkulu?" UNkulunkulu useyinto yokudlala. "Nangu uNkulunkulu. Nguyena lo uNkulunkulu." (BG 7.15) Na māṁ duṣkṛtino mūḍhāḥ prapadyante narādhamāḥ Ngabantu abanesono, ababhedayo, iziphukuphuku, aphansi kwisintu. Babuza kanjalo: "Ungangibonisa uNkulunkulu?" Yini iziqu ozitholile, ukuthi ungakwazi ukubona uNkulunkulu? Nasi isiqu. Yini lokhu? Tac chraddadhānā munayaḥ. Umuntu kumele okokuqala abanokukholwa. Ukukholwa. Śraddadhānāḥ. Kumele empeleni alangazelele kakhulu ukubona uNkulunkulu. Cha bo into engabalulekile, into engenamqondo, "Ungangikhombisa uNkulunkulu?" Imilingo, ngathi uNkulunkulu ngumlingo kuphela. Cha. Kumele kubekhona isinzulu: "Yebo, uma ukhona uNkulunkulu.... Sibonile, sikhulunyiswe ngoNkulunkulu. Manje kumele ngizibonele."

Kukhona indaba kulo oluxhumano. Kuveza okuninzi; zama ukuvisisa. Omunye usazi wayekhuluma nge-Bhāgavata, futhi wayechaza ukuthi u-Kṛṣṇa, kunani ahlotshiswa kakhulu ngabo bonke ubucwebe, Uthunyelwa ukuba oluse izinkomo ehlathini. Ngakho kwakukhona nesela kulowo mhlangano. Manje wayecabanga ukuthi "Kungani ngingayi e-Vṛndāvana ngintshontshele lo mfana? Uhlezi ehlathini amagugu amaningi anowusizo. Ngingaya khona ngibambe le ngane bese ngithathe wonke amagugu ayo." Lokho kwaba inhloso yakhe. Ngakho, wayezimisele ukuthi "kufanele ngimthole lo umfana. Khona ngobusuku obubodwa ngiyoba usozigidi. Amagugu amaningi kangaka. Cha." Ngakho waya khona, isiqu sakhe kwaba kukuthi "kumele ngibone u-Kṛṣṇa, Kumele ngibone u-Kṛṣṇa." Oko kulangazalela, kwenza ukuthi akwazi ukubona u-Kṛṣṇa e-Vṛndāvana. Wabona u-Kṛṣṇa njengoba wayeshilo usazi we- Bhāgavata. Waye wabona, "wena ungumfana oncomekayo, Kṛṣṇa." Ngakho waqala wakhohlisa. Wayecabanga ukuthi "Ngokukhohlisa ngizothatha lamagugu akhe". Manje mayeveza isisusa seqiniso sakhe, Ngingathatha amanye amagugu akho? Phela ucebe kangaka." "Cha, cha, cha....Umama wami uzothukuthela. Angeke ngikwazi.." Kwasho u-Kṛṣṇa okwe ngane. Washo walangazelela u-Kṛṣṇa kakhulu. Ekugcineni... Ngokuhlangana no-Kṛṣṇa, wade wazibona emsulwa. Ekugcineni ke, u-Kṛṣṇa wathi, "Thatha konke okufunayo." Washo wabangumlandeli ngoko nangoko. Ngoba ngokuhlangana no-Kṛṣṇa....

Ngoko noma kanjani, kumele sihlangane naye u-Kṛṣṇa. Noma kanjani. Sizode sibemsulwa nathi.