ZU/Prabhupada 0010 - Don't Try To Imitate Krishna



Lecture on SB 7.9.9 -- Mayapur, February 16, 1976

UKṛṣṇa... Labafazi abayizinkulungwane eziyishumi nesithupha, baba kanjani omkawo? Uyazi le ndaba, ukuthi intombi eziningi ezinhle, eziyizinkulungwane eyilishumi nesithupha, Ukuthi iindodakazi zenkosi zazithunjwe yi-dlozi elibi. Ngubani igama leli dlozi elibi? Bhaumāsura, cha? Yebo. Manje bathandaza ku-Kṛṣṇa ukuthi "Siyahlupheka, sithunjiwe leli dlozi elibi. Siyacela usisize." Ngoko u-Kṛṣṇa waza wabasiza, wabulala elidlozi elibi bese zonke lezindodakazi zabe zikhululekile. Kodwa emva kwenkululeko bahlala bema laphaya. Ngoko u-Kṛṣṇa wabatshela, "Manje senikhululekile, godukani niye kubaba wenu." Bathi kuye "Besithunjiwe, asisakwazi uphinde sishade." Endiya usekhona lomthetho. Uma intombazane, intombi encane, iphuma ekhaya usuku olulodwa noma izinsuku ezimbili, akekho ngeke ashade naye. Akekho ozoshada yena. Ubhekwa njengento ephangwe. Loluhlelo lusekhona eIndiya. Ngoko babethunjiwe intsuku eziningi, iminyaka eningi, ngoko bakhala ku-Kṛṣṇa bathi "Angeze ubaba asivume, nabantu abanovuma ukusishada." Washo u-Kṛṣṇa wezwa ukuthi "isikhundla sabo ziyingozi kakhulu. Noma bekhululekile, abanandawo yokuya." Ngoko u-Kṛṣṇa... Unohlobo kakhulu, bhakta-vatsala. Wabuza, "Nifuna ni?" Baphendula bathi "Wena sivume. Ngaphandle kwakho, asinayo enye indlela yokuphila." U-Kṛṣṇa wavuma: "Yebo, wozani." Nguyena u-Kṛṣṇa lowo. Futhi akushiwo nokuthi bonke labafazi bakhe abaziyizinkulungwane ezilishumi nesithupha bahlala ndawo nye. Wabakhela izindlu zasebukhosini eziyizinkulungwane ezilishumi nesithupha. Ngoma wayevume inkosikazi, kumele amondle njengenkosikazi yakhe, njengendlovukazi, cha ukuthi "Ngoba abnayo enye indawo yokuhamba baye kuyo, baze lapha kimi. Manje ngizobagcina noma kanjani." Cha. Kumele bahlonishwe kakhulu, njengendlovukazi ka-Kṛṣṇa. Wacanga futhi ukuthi "Abafazi abangamakulungwane alishumi anesithupha..... Manje uba ngimunye, abafazi bami angeze bahlangane nami. Bonke kumele balinde intsuku eziyizinkulungwane eziyishumi nesithupha. Cha." Wazandisa waba ngoo- Kṛṣṇa abazinkulungwane eziyishumi nesithupha. Nguyena u-Kṛṣṇa lo. Leziziphukuphuku, zisola u-Kṛṣṇa ngobangumzingeli wesifazane Ayifani nawe. Wena awukwazi nokondla umfazi omunye, kodwa Yena wondla abafazi abazinkulungwane eziyishumi nesithupha nezindlu zobukhosi eziyinkulungwane eziyishumi nesithupha naye enemizimba eyizinkulungwane eziyishumi nesithupha Wonke umuntu ethokozile. Nguyena lo u-Kṛṣṇa. Kumele siyazi ukuthi yhini u-Kṛṣṇa. Ungazami ukuzensa u-Kṛṣṇa. Kuqala, zama ukwazi u-Kṛṣṇa.